Description
This is a lay summary of the research article published under the DOI: 10.1101/2020.06.04.20119594
Zulu translation of DOI: 10.1101/2020.06.04.20119594
Ukulinganisela ukutheleleka nge-COVID-19 nokushona kwabasebenzi bezempilo(HCWs) kumhlaba wonke.
Ukubuyekezwa kwesikophu sokuklama.
Zimbili izindlela ezisetshenzisiwe ukuqoqa ulwazi locwaningo.Ukufunda kabanzi izincwadi kanye nolwazi oluhlukahlukene oluvela kwimithombo yezezifundo olumayelana nobekucwaningwa.
Ohulumeni abehlukene bathintwa ukuthola ulwazi oluthe xaxa lapho lwalutholakala khona.
Ngenxa yokubuyekezwa okuncike kakhulu esikhathini kanye nesidingo sokubika ngolwazi ulusha ngesimo esihlezi sishintshashintsha, kwakungenamkhawulo kuhlobo lolimi, ulwazi kanye nemithombo esethsenzisiwe, isimo sokushicilelwa kanye nohlobo lwemithombo yobufakazi.
Uhlu lokuhlola lwe-AACODS lusetshenzisiwe ukuhlolisisa umthombo ngamunye wobufakazi.
Izici zokushicilelwa, amaphuzu edatha yezwe elithile, idatha eqondile ye-COVID-19, izibalo zabantu abathintekayo, kanye nabasebenzi bezempilo, nezindlela zempilo yomphakathi ezisetshenzisiwe
Kwabikwa inani lokutheleleka kwabantu okuyizi-152,888 kanye nelokushona kwabo eliyizi-1413.
Ukutheleleka bekudlange kakhule kwabesifazane ngamaphesenti angama-71.6%, abahlengikazi ngamaphesenti angama-38.6% kepha abesilisa yibo ababulewe kakhulu yilesifo ngamaphesenti angama-70.8% kanye nodokotela ngamaphesenti angama-51.4%
Ulwazi oluthize luveze ukuthi odokotela besifo ezejwayelekile kanye nabahlengikazi abasebenza ngaphansi kophiko lwezempilo yengqondo yibona abasengcupheni kakhulu yokoshona ngelesi sifo.
Kwabikwa ukuthi bangama-37.17 abashonayo kwabayi-100 abathelelekile kubasebenzi bezempilo abaneminyaka engaphezulu kwama-70.
Amazwe asentshonalanga abenezinombolo eziphezulu ezibikiwe zabathelelekile ezingama-119628 ebese ebazabadlulile emhlabeni zibe ngama-712 ebese ezamazwe esifunda sasempumalanga abenezinombolo eziphezulu zabadlulile emhlabeni ezingama-5.7 kwabayi-100 abathelelekile.
Ukutheleleka nokudlula emhlabeni ngesifo se-COVID-19 kwama-HCW kulandlela lokho okwenzeka inani Labantu jikelele kumhlaba wonke.
Izizathu zokukhethwa kobulilikanye nokwehluka ngokokusebenza zidinga ukuhlolwa okwengeziwe njengalokhu kubikwa amazinga aphansi e-Afrika kanye Ndiya.
Nakuba odokotela abasebenza ngabalulama ekulimaleni (physicians) abasebenza ophikweni olukhethekile bengabekwa njengabasengcupheni ngenxa yokusebenza ngoketshezi oluphuma kubantu kepha ubungozi obubhekananalaobo abasebenza kweminye imikhakha akumele kuthathelwe phansi.
Ama-HCW asekhulile kungenzeka bafune ukususwa ekusebenzeleni ezindaweni ezinobungozi basebenzele ezindaweni ezingenabungozi.
Indlela yethu yokulwisana nalesi sifo inekeza imikhuba ejwayelekile, futhi iveza imihlahlandlela yomhlabawonke yokuhlolela kanye nokubika ngokutheleleka kwa-HCWs.
Abasebenzi bezempilo yibo abashayeke kakhulu ngesifo sokhuvethe (Covid-19)
Nempathamhlaba ye-COVID-19, abasebenzi bezempilo emhlabeni jikellele babeka izimpilo zabo engcuphezi ukuhlenga izimpilo zabanye abantu.
Lolu cwaningo lungolokuqala ukuhlaziya ukuthi umkhakha wezempilo ushayeke kangakanani ushaywa yilolu bhubhane nokuthi bangakani abasebenzi kulomkhakha abasengcuphezi yokutheleleka nokufa ngalesi sifo.
Kusuka kwiqoqo leziguli ezazinezimpawu zenimoniya (pneumonia) endaweni yase-Wuhan ezweni laseShayina, kusuka ngoZibandlela wangonyaka wezi-2019 isifo se-COVID-19 seluphenduke impathamhlaba yomhlaba wonke.
Ngesikhathi salolu cwaningo ngoNhlaba wezi-2020, ngaphezu kwezigidi ezinhlanu zabantu zasezethelelekile ngesifo. Abangaphezulu kuka-300 000 base bedlulile emhlabeni ngaso lesi sifo.
Abasebenzi bezempilo bangaphambili kwalenhlekelele yomhlaba.Labasebenzi baxilonga baphinde balaphe iningi leziguli nokunani lazo likhula ngamandla.Lokhu bakwenza bebhekene nengcindezi enkulu lapho bephoqeleka ukuthi bathathe izinqumo ezinzima.
Lokhu sekwenze ukuthi aba-HCWs babesengcupheni enkulu yokutheleleka nokuthi bashone ngaso lesi sifo, kepha inani lalabo abathelelekile kalaziwa.
Lolu cwaningo ngakho-ke lulinganisele ukuthi zingakanani izinombolo zaba-HCWs emhlabeni jikelele abatheleleke nabadlule emhlabeni ngesifo se-COVID-19.
Abacwaningi babheke ulwazi olutholakala ocwaningweni lwezemfundo lwangaphambilini kanye nakweminye imithombo, okubalwa kuyo ulwazi oluphuma kohulumeni abehlukene bomhlaba, abezindaba kanye nakwi-internet.
Ucwaningo luthole ukuthi bangu-152 888 HCW abangenwe yi-COVID-19, kanti abangu-1413 babulawa yilesi sifo.
Ukutheleleka bekudlange kakhule kwabesifazane ngamaphesenti angama-71.6%, abahlengikazi ngamaphesenti angama-38.6% kepha abesilisa yibo ababulewe kakhulu yilesifo ngamaphesenti angama-70.8% kanye nodokotela ngamaphesenti angama-51.4%
Kulwazi olukhona, ucwaningo luthole ukuthi odokotela bezifo ezejwayelekile (GPs) yibona ababesengcupheni enkulu yokutheleleka kuhlobo lodokotela olukhona.Ebese abebesengcupheni enkulu yokudlula emhlabeni ngaso lesi sifo kubahlengikazi yilabo abasebenza kuhlangothi lwezempilo zengqondo.
Ngokwazi kwabacwaningi, lolu wuhlobo lokuqala locwaningo ukuhlola ukutheleleka nokushona kwa-HCW ngesifo se-COVID-19.
Umsebenzi wabo nokho uqundwa ulwazi olukhona olutholakalayo oluvela kwimithombo eyehlukahlukene nokwenze kube nzima ukuthi luqhathaniswe.
Amazwe ehlukahlukene ayesezigabeni ezehlukene zezifo ezinhgomashayabhuqe ngesikhathi abacwaningi beqoqa ulwazi.
Ukutheleleka kanye nokushona kwabasebenzi bezempilo ngesifo sokhuvethe kulandela lokho okwenzeka kwinani labantu jikelele.
Izizathu zokukhethwa kobulilikanye nokwehluka ngokokusebenza zidinga ukuhlolwa okwengeziwe njengalokhu kubikwa amazinga aphansi e-Afrika kanye Ndiya.
Amharic translation of DOI: 10.1101/2020.06.04.20119594
Hausa translation of DOI: 10.1101/2020.06.04.20119594
Luganda translation of DOI: 10.1101/2020.06.04.20119594