Skip to main content
SearchLoginLogin or Signup

Ukubuyekezwa okuhlelekile kwemithi nomgomo wokuguquguquka kwegciwane lwe-hepatitis B (HBV) e-Afrika

This is Zulu translation of DOI: 10.1371/journal.pntd.0006629

Published onJul 24, 2023
Ukubuyekezwa okuhlelekile kwemithi nomgomo wokuguquguquka kwegciwane lwe-hepatitis B (HBV) e-Afrika
·

Ukubuyekezwa okuhlelekile kwemithi nomgomo wokuguquguquka kwegciwane lwe-hepatitis B (HBV) e-Afrika

Isicelo sokuthathela umsebenzi phezulu.

Abstract

Izinhlelo zokuthuthukiswa kokuqeda igciwane le-hepatitis emhlabeni ngo-2030 zigqamisa isidingo sokuqhakambisa izindlela zokuzivikela, ukuhlolwa nokulashwa.

Ama-resistance associated mutations(RAMs) nama-vaccine escape mutations(VEMs) adluliseliwe noma akhethiwe egciwane le-hepatitis B (HBV) angehlisa ukusebenza kwemithi ekhona nezindlela zokuvimbela ukutheleleka.

Lezi zinkinga zijwayeleke kakhulu e-Afrika lapho kusabalele khona i-HBV nokuthelelana nge-HIV, kodwa kushoda khona ulwazi lwababhekene nemibulalazwe nokwentuleka kwezimfundiso ngalesi sifo, ukuhlola nokunakekeleka emitholampilo.

Ukusabalala nomthelela wama-RAMs nama VEMs kulaba bantu ayinakiwe emibhalweni yamanje. Sibeke sesifanisa ulwazi olukhona lwase sub-Saharan Afrika ngokubhekisisa nokuhlaziya okubhaliwe kwashicilelwa, sakufaka kwi-database ye-inthanethi (https://livedataoxford.shinyapps.io/1510659619-3Xkoe2NKkKJ7Drg/). Ulwazi oluningi luvele emaqoqweni abantu abane HIV/HBV.

I-RAM eyande kakhulu kube i-rtM204I/V, ihamba yodwa noma ihlangene nzinye izinguquko zegciwane, yatholakala ebantwini abadala abangayitholi imishayanguzo nabayitholayo.

Sibe sesithola ingxubevange yezingiquko ze rtM204V/I + rtL180M + rtV173L, ezibandakanyeka nokungasebenzi komgomo ebantwini abangu1/3 eqoqweni.

Yize i-tenofovir inezakhi ezivimba ukungezwakali, kuyakhathaza kakhulu ukuthi ulwazi oluvelayo luveza ukuthi kunama-polymorphisms(ukuguquguquka) akungabandakanywa nokungazweli kwemithi, yize kungaziwa ukuthi lokho kusho ukuthini ekuhlengweni kwabantu.

Kukho konke, kunesidingo esiphuthumayo sokutholakala kwezindlela zokuhlola ezithuthukile, ukuthuthukiswa kwama-labhorethi ahlolela i-HBV ngaphambi kokuhlengwa, noma sekuqaliwe nokunikeza iziguli i-tenofovir ekukhetheni i-lamivudine yodwa.

Kusadingeka olunye ulwazi ukuze abantu bakwazi ukubhekana nokuphathwa i-HBV, kudingeka nokuhlengwa ngokwengqondo ezimeni ezifana nalezi.

Summary Title

Ukungazweli kwemithi ye-HBV nokuphunyukwa umgomo kuwudaba oluphuthumayo e-Afrika.

I-Afrika inezibalo eziphezulu zegciwane le-hepatitis B (HBV) elingayizweli imithi nomgomo, okubeka ezimpilo zabaningi engcupheni ezwenikazi elinabantu abaningi abatheleleke ngegciwane le-HIV.

Abacwaningi bathi i-Afrika kumele itshale imali ezindleleni ezingcono zokuthola i-HBV nezindlela zokuyelapha.

Inhlangano yamazwe ahlangene i-United Nations Sustainable Development Goals (SDG 3) icela ukuthi igciwane le-hepatitis lingabe lisaba inkinga yezempilo emphakathini ngo-2030.

Lokhu kusho ukuthuthukiswa kokuvikeleka egciwaneni le-hepatitis, ukutholwa kwalo nokulashwa kwalo.

Nokho, ezinye izinguquko zezakhi zegciwane le-hepatitis B (HBV) ziqeda amandla okulwa nalo nokulilapha.

Lezi zinkinga zitholakala e-Afrika lapho okusabalele khona ukuthelelana nge HBV ne HIV kakhulu.

Luncane ulwazi olukhona ngokusabalala nomthelela wezinguquko zezakhi ezivumela i-HBV ukuthi ingayizweli eminye imithi noma amasosha omzimba angawuzweli umgomo.

Kulolu cwaningo, abacwaningi babhekisise ulwazi oluncane olukhona lwase sub-Saharan Afrika balufaka kwi-database ye-inthanethi.

Le-database ichaza ukuvama, ukusabalala, nokuphindaphindeka kwezinguquko zezakhi ezihlanganiswa nokungazweli imithi ama-resistance mutation(RAMs) nemigomo ama-vaccine escape mutation(VEMs) e-HBV e-Afrika.

Abacwaningi babheke imiqingo ebhaliwe emitapweni yolwazi yesayensi e-MEDLINE, SCOPUS, neEMBASE, phakathi kuka- Okthoba ka-2017 no-Janwari ka-2018.

Babhale phansi unyaka okwashicilelwa ngawo, indlela ucwaningo olwenziwa ngayo, usayizi wesampula, abantu abazosetshenziswa ocwaningweni, imishayanguzo nakho konke abakuthola kulezi zishicilelo.

Bathole ukuthi ukungazweli kwemithi okujwayelekile i-resistance-associated mutation ejwayelekile e-Afrika ibizwa nge-rtM204I/V, ebonakale ebantwini abadala abangakayiqali imishayanguzo nalabo asebeyiqalile.

Ucwaningo luthole ukuthi izinguquko zegciwane eziyi-rtM204V/I, rtL180M, ne rtV173L zibandakanyeka ekuphunyukeni komgomo, okwakubikwe ukuthi zitholakele emaqoqweni angaphansana kukahhafu, okungabantu abaohenyiwe ocwaningweni oluningi.

Abacwaningi babhekisise ngokukhathazeka ukuthi umuthi i-tenofovir unezinkoma ezikhombisa ukuthi zingadala ukungazweli kwemithi, yize sekushintshile manje, bekuthiwa ngeke kube njalo ngalomuthi.

Iziphumo ziveza ukuthi ukusabalala kwalezi zinguquko kwande kakhulu engxenyeni yabantu base sub-Saharan Afrika.

Ukwentuleka kwezinsizakusebnza kube nomthelela wokushoda kokuhlolela i-HBV, ukungatholakali kalula kwemithi, nokungaxilongeki emitholampiloo kalula, konke lokhu kunomthelela wokungazweli kwemithi nomgomo.

Lolu uhlelo lokuqala oluhlola i-HBV kuma-RAMs nama VEMs eAfrika.

Amazinga aphezulu okutheleleka nge HBV ebantwini abanegciwane le-HIV kwezinye izindawo okubalwa kuzo i-Khameruni neNingizimu Afrika aveza ukuthi iHBV ibingabikwa ngokuphelele, kungenzeka ukuthi lokho bekudalwa ukungajwayeleki kokuyihlolela, ukushoda kolwazi ngayo, ukusaba ukwahlulelwa, ukubiza kwakho nokushoda kwezinsizakusebenza emitholampilo.

Ukuhlolela i-HBV akujwayelekile ezindawenii eziningi e-Afrika lokho kwadala ukuthi ukusabalala nezinkomba zokutheleleka ke-HBV akwaziwa.

Abacwaningi bakwaze ukuthola amaphepha shicilelwe ambalwa akhuluma ngeziguli ezine-genetic sequencing ye-HBV.

Lokhu kuveza ukuthi ikhona inkinga yokungayinaki i-HBV e-Afrika, nendawanda engabhekiwe emayelana ne-genetic sequence data.

Ngemiphumela yalolu cwaningo, abacwaningi bayale ukuthi kutshalwe izimali isikhathi eside ukuze kwandiswe ukutholwa kwemithi nomgomo, nokuthi kukwazi ukuhlolela ukuthelelela nokutholakala kokungazweli kwemithi.

Kusadingeka olunye ulwazi oluzokwazisa abantu ngokutholakala une-HBV, nangokuhlengeka ngokomqondo ezindaweni ezibuthakathaka zase sub-Saharan-Afrika.

Connections
1 of 5
Comments
0
comment
No comments here
Why not start the discussion?