Description
This is a lay summary of the article published under the DOI: 10.1371/journal.pone.0234585
Zulu translation of DOI: 10.1371/journal.pone.0234585
Isifo esidalwa isifo esisha sokhuvethe (COVID-19) isibekwe njengenkinga yomhlaba wonke nempathamhlaba kuqale ngokushiwo iNhlangano Yezempilo eMhlabeni wonke (WHO) njengesifo esiqubukile.
Inhloso yalolu cwaningo ukucubungula ukuvimbeka kolwazi nokwenza kwabantu ngempathamhlaba i-COVID-19 ebahlalini baseTopiya.
Ucwaningo lwe-inthanethi olu-cross-sectional lwenziwe emasampuleni abahlali baseTopiya kusentshenziswa izinkundla zokuxhumana zombhali ngezinkundla zokuxhumana ezidumile ezifana noFacebook, Telegram, ne-email.
Kusetshenziswe i-snowball sampling ukuthola abazohlanganyela.
Ekwenzeni kanjalo, siqoqe izimpendulo zabahlanganyeli abawu-341 kahle kusukela kuEphreli 15 kuya ku-22, 2020.
Ulwazi oluqoqiwe luhlaziywe nge-software yesi-14 ye-STATA kwasetshenziswa nezibalo ezichazayo ukufingqa ulwazi nezindlela zokwenza zom’phakathi uma kubhekwe impathamhlaba i-COVID-19.
Iningi labahlanganyeli 80.5% belingabantu besilisa.
U-91.2% wabahlanganyeli bazwile ngempathamhlaba i-COVID-19.
Ngaphezu kwalokho, kubahlanganyeli abawu-341 u- 90.0%, 93.8% wabo ubuwazi ukuthi impathamhlaba i-COVID-19 ivikelwa ngokuqhelelana nokugeza izandla kaningi, ngokulandelana.
Lokhu kukhombisa ukuthi ulwazi lwabahlanganyeli lokuvikela i-COVID-19 ngokuqhelelana nokugeza izandla beluphezulu.
Nokho ke, kubahlanganyeli abawu-341 u-61%, 84% kuphela wabo ube nomkhuba wokuqhelelana nokugeza izandla njalo ukuvikela i-COVID-19.
Iningi labahlanganyeli belizazi izindlela zokuzivikela esifeni esisha sokhuvethe (COVID-19), kodwa kube nenkinga enkulu yokuguqula ulwazi lokuvikela lube izenzo.
Lokhu kukhombisa ukuthi kunegebe phakathi kokwenza nokuba nolwazi ngokuvikela i-COVID-19 nokulandela ulwazi ukuze kuliwe nokubhebhetheka kwe-COVID-19 emiphakathini.
Ngakho ke, isigungu esibandakanyekayo kumele sigxile ekuqwashiseni nasekufundiseni umphakathi ngokulandelwa kweziyalo.
Ngo-2021, abaseTopiya abaningi bebekwazi ukuvikela i-Covid-19, kodwa abaningi bebengalusebenzisi ulwazi lwabo.
Ngo-2021, abacwaningi babike ukuthi abahlali baseTopiya abaningi bebazi ukuthi ukuqhelelena nokugeza izandla kungasiza ukuvikela ukubhebhetheka kwe-SARS-CoV-2, igciwane eladala impathamhlaba i-Covid-19.
Kodwa abacwaningi bathe abantu abaningi abalusebenzisi lolu lwazi, bayale ukuthi iziphathimandla kumele zigqugquzele abantu balandele iziyalo.
I-Covid-19 isifo sokuphefumula esibulalayo ezibhebhetheka emhlabeni ngokushesha futhi esabise ngokuthwesa kanzima izinhlelo zezempilo neminotho yamazwe asathuthuka njengeTopiya.
Uhulumeni ukhiphele izakhamuzi imininingwane, njengengxenye yokuthula isimo sokuphuthuma, ukusiza ukuvimba ukubhebhetheka kwegciwane ngokugeza izandla nokuqhelelana.
Lolu cwaningo luhlolisise abahlali baseTopiya ukukala ulwazi lwabo ngalezi zindlelela zokuvikela, nokuthi bayalusebenzisa yini lolo lwazi.
Abacwaningi bakhe uhlu lwemibuzo balusabalalisa ezinkundleni zokuxhumana.
Babuze abantu imibuzo ngabantu, ngokuthi bake bezwa yini ngempathamhlaba i-Covid-19 nezindlela zokuzivukela kuyo, nokuthi bayazigeza yini izandla baphinde baqhelelane.
Abantu abawu-341 baphendule lemibuzo, kubona u-80% wabo bebengabantu besilisa.
Abacwaningi bathe abaphendulile abaningi abebevela ezindaweni zasemadolobheni futhi abafundile kakhulu, bebazi ukuthi izinyathelo zokuzivikela ezifana nokuqhelelqnq, ukugwema ukuthinta ubuso babo nokugonana, kungasiza ukugwema ukutheleleka.
Kuko konke, abantu abadlule ku-90% kwabahlanganyele emibuzweni bebazi ukuthi kuvikelwa kanjani ukubhebhetheka kwe-Covid-19, kodwa u-61% wabo uthe uyaqhelelana, u84% uthe uyazigeza izandla kaningi.
Ngalolu cwaningo, iTopiya ihlangane namanye amazwe amaningi abebheka ukuthi izakhamuzi zawo zazi kangakanani nge-Covid-19 nezindlela zokuzivikela kuyo.
Kodwa abacwaningi bathe abalutholanga olunye ucwaningo obelubheka ulwazi lwabantu oludlulele ezenzweni.
Eqinisweni, bathe umsebenzi wabo uveza ukuthi ulwazi alusho ukuguquka kwendlela yokwenza.
Abacwaningi baqwashise ngokuthi imiphumela yabo ayivezi lonke inani labantu ngenxa yokuthi imibuzo ibitholwa abantu abane-inthanethi nabasebenzisa izinkundla zokuxhumana.
Basathi iziphathimandla kumele zidlule ekwaziseni ngezindlela zokuzivikela kwi-Covid-19, zithole izindlela zokugqugquzela izakhamuzi ukuthi zikenze ezikwaziyo.
Bonke abacwaningi abenze lolu cwaningo bebevela emanyuvesi eTopiya, nabahlanganyeli kungabahlali baseTopiya.
Amharic translation of DOI: 10.1371/journal.pone.0234585
Hausa translation of DOI: 10.1371/journal.pone.0234585
Luganda translation of DOI: 10.1371/journal.pone.0234585
Northern Sotho translation of DOI: 10.1371/journal.pone.0234585
Yoruba translation of DOI: 10.1371/journal.pone.0234585