Description
This is a lay summary of the article published under the DOI: 10.1101/2020.06.01.127423
Zulu translation of DOI: 10.1101/2020.06.01.127423
Umalaleveva we-plasmodium vivax uyisifo zasezindaweni ezifudumele esinganakiwe ngenxa yamazinga okwenzeka aphansi nokwentuleka kokuhlonzwa okunembayo.
Esikhathinin esisanda kudlula, sekube nokukhuphuka okusabisayo ezahlakalweni ze-P. vivax eMpumalanga Afrika kanti kubukwa ukuthi isabalalela nasemazweni asentshonalanga.
Lolu cwaningo luphenye indawomsuka kanye nengxubezimpawufuzo ye-P. vivax eSudani ngama-microsatelite marker ayi-14.
Isibalo esiwu-113 samasampula e-P. vivax saqoqwa ezifundeni ezimbili, i-New Halfa kanye ne-Khartoum eSudani.
Ngaphezu kwalokho, imininingo yamasampula ezindawo awu-841 atholakele esuka kwi-database yokuhlaziya yomhlaba yezimpawufuzo nawo abebaliwe esihlaziyweni ukuqhuba ubudlelwano phakathi kwama-isolate e-P. vivax nezikalo zomhlaba.
Ngokwesikalo sesifunda, sibone ama-haplotype ahlukile angama-91 kanye nayi-8 emasampuleni aseSudani.
Ingxubezimpawufzo ephuzulu kangaka ukuqhathaniswa nezinye izindawo yeseka umbono wokuthi i-P. vivax yasunguleka e-Afrika.
Ngokomhlaba, njengoba sekuveziwe, sibone ukuqoqana okuhlukile kwezimpawufuzo kwe-P. vivax e-Afrika, South America, Asia (kubalwa ne-Papua New Guinea kanye ne-Solomon Island) ne-admixture ekalekile kulokhu kuqoqeka okuthathu.
Ukuhlaziywa kwengxenyengqangi ne-phylogene kukhombise amaphethini okuqoqana afanayo futhi kwagqamisa umthelela wama-solate ase-Afrika ukuhlukeni kwezimpawufuzo okubonakalayo emhlabeni.
I-P. vivax yase Mpumalanga Afrika ibonakaliswa ngokufana namanye ama-isolate ase-Asia okugigiyela ukwethula okungase kube kusha.
Imiphumela yethu ikhombisa ingxubezimpawufuzo ezijulile zenzeka ngesikahti esisodwa kube nowenzeka ezindaweni ezahlukene okugqamile, kuveza ukuphumelela kokusenzisa ama-microsatelilte marker ukusebenza izindlela zokulawula ezisebenzayo.
Abawaningi bathola izimpawufuzo zesinye sezidligazi esidala umalaleveva ukulandela ukuthi izinhlobo ezahlukene zingabe zisabalala kanjani emhlabeni.
Bathi isidlagazi, i-Plasmodium vivax, kungenzeka yaqala e-Afrika.
Abacwaningi ngokudlule bebecabanga ukuthi amazinga kamalaleveva abangwa yilesi sidligazi aphansi.
Kodwa kubukeka ngathi izikhawu ziyakhula kakhlu eMpumalanga Afrika nakwezinzye izingxenye zomhlaba.
Izikhawu ze-Plasmodium vivax (PV) zivame ukungabi zimbi kakhulu, kodwa kulokhu izingcwaningo ziveza ukuthi i-PV ingahlala ingaveli kubantu, ibathelele ngokuphindaphinda, ibenze ukuthi baphuthe emsebenzini.
Lokhu, kanye nesidingo sokwelashwa kuphindelelwa, kungalimaza iminotho.
Kulolu cwaningo, abacwaningi bebefuna ukuhlaziya izimpawufuzo zezidlagazi ze-PV ezitholwa ezindaweni ezahlukene emhalabeni wonke.
Le mininingo yezimpawufuzo nendawo ingasiza abaphathi bezempilo ukunqanda ukusabalala kwe-PV kanye nokwelapha kangcono umalaleveva.
Abacwaningi bakhiphe i-DNA kumasampula egazi athathwa ngomunwe ezigulini ezinomalaleveva we-PV eNew Halfa naseKhartoum, eSudani.
Baphinde basebenzisa imininingo esuselwa easampuleni aqoqwe kwezinye izingxenye ze-Afrika, South America ne-Asia.
Baqhathanise amasampula ukuthiola ukufana nokuhluka kwehlukana kwezindawo.
Abacwaningi bathola ukuthi izimpawufuzo zamasampula e-PV bezifana namanye amasampula asezwenikazi elilodwa.
Lokhu kusho ukuthi bengakwazi ukusho ukuhti isampula liqhamukephi ngokubuka izimpawufuzo zalo.
Ngokuxakile, babone ukuthi amasampula aqoaqwe e-Afrika abehluke kakhulu ngokwezimpawufuzo kunamasampula akwamanye amazwekazi.
Ngamanye amazwi, amasampula aqoqwe e-Asia, isibonelo, abefana kakhulu kwamanye amasampula ase-Asia kunawase-Afrika efana namanye ase-Afrika.
Ingxubezimpawufuzo e-Afrika ikhomba ukuthi i-PV isuka e-Afrika.
Babone ukuthi amasampula ase-Afrika afana kakhuli nawase-Asia kunase-South America.
Lokhu kusho ukuthi abantu ezilwane abathelelwe yi-PV kungenzeka ukuthi bebesanda kuhamba phakathi kwe-Afrika ne-Asia.
Ukudweba izimpawufuzo zesidlagazi ngale ndlela kunikeza ososayensi ukubona ukuthi izifo zisabalala kanjani ezindawei ezahlukene.
Abacwaningi bathi izingcwaningo zangomuso zingasebenzisa lolu lwazi ukuhlonza izimpawu zendawo njengezintaba ezehlukanisa izinhlobo ze-PV ezahlukene.
Abacwaningi abenze lolu cwaningo bebeseSudani, Eritrea, eFransi kanye naseUSA.
Amharic translation of DOI: 10.1101/2020.06.01.127423
Hausa translation of DOI: 10.1101/2020.06.01.127423
Luganda translation of DOI: 10.1101/2020.06.01.127423
Northern Sotho (Sepedi) translation of DOI: 10.1101/2020.06.01.127423
Yoruba translation of DOI: 10.1101/2020.06.01.127423