Skip to main content
SearchLoginLogin or Signup

Izinga lesifo sokukhahlamezeka kwesibindi kwabane-HIV kanye nezinye izimbangala zale sifo ezibuncayi kwehlile

This is Zulu translation of DOI: 10.1101/2020.11.16.384339

Published onAug 07, 2023
Izinga lesifo sokukhahlamezeka kwesibindi kwabane-HIV kanye nezinye izimbangala zale sifo ezibuncayi kwehlile
·

Isigameko kanye nobungozi okubhekene neziguli ezidla imishanguzo yokuthiba isifo se-HIV esibhedlela sesifunda i-Bali, ezweni lase-Cameroon

Isingeniso

Isifo sokungcola kwamaphaphu sibeka impilo yalabo esebenesikhathi eside bedla imishanguzo egcupheni, yokuhlaselwa isifo samaphaphu esingumnqamulajuqu (cART).

Ucwaningo lwethu belufuna ukuhlola izehlakalo kanye nezibikezelo ze-cART-induced hepatotoxicity (CIH) phakathi kwabasebenzisi besikhathi eside be-cART esibhedlela Sesifunda sasemakhaya.

Izindlelakwenza

Lolu bekunguncwaningo lokuthola ulwazi kubantu abahlukahlukene oluqhutshelwe esibhedlela sesifunda e-Bali.

Ukuqoqa ulwazi lenani lezinga le-alanine-aminotrasferase (ALT) kanye ne-asprtate-aminotransferase (AST) kusentshenziwe indlela yokuqoqa ulwazi, i-Spectrotometric.

Iziguli ezinokuphakama kwakho kokubili i-ALT ne-AST zazibhekwa njenge-CIH.

Kusentshenziswe indlela yokuhlaziya ulwazi ka-ANOVA kanye noKaplan i-Chi (χ2) i-Meir log-ranked ukucubungula ulwazi oluqoqiwe.

Kusetshenziswe imiphumela yabesilisa abangu-350 (abangama- 44.6%) kanye nayebesifazane abangama-194 (abangama-55.4%) abasukela eminyakeni engu-20 kuya kwengu-84 ukuqhuba uncwaningo. kwabangu- 26 (abanga-4.4%) kutholakale alindlangile izinga lesifo samaphaphu (CIH) kubo.

Siqaphele amazinga angu-57 (16.3%), ama-62 (17.7%) kanye nama-238 (68%) aphakeme amazinga ALT + AST, ALT kanye ne-AST ngokulandelana.

Ngesikhathi kuqhutshwa uncwaningo, ukuzinikela etshwaleni kanye nokuzibandakanya kwabantu besilisa ocansini yikho kokubili okubonakale njengembangela esobala yesifo samaphaphu i-CIH.

Isiphetho

Lalehle kakhulu izinga lokusabalala kwe-CIH kwabaphila nesifo se-HIV, umaqhathani neloncwaningo olenziwa emnyakeni endlule.

Ubude besikhathi sokwelashwa kwakungesiyo imbangela yeCIH.

Ukudakwa nokubhema kubonise umehluko omkhulu ekuthuthukisweni kwe-CIH.


Izinga lesifo sokukhahlamezeka kwesibindi kwabane-HIV kanye nezinye izimbangala zale sifo ezibuncayi kwehlile

Izinga lokulimala kwesibindi ezigulini ezine-HIV ngenxa yama-ARVs ayinhlanganisela (Anti-Retroviral Therapies) liphansi esifundeni sase-Bali esibhedlela, e-Cameroon, uma kuqhathaniswa nezifundo zangaphambilini.

Nakube kunjalo ubulili, ukuphuza utshwalwa kanye nokubhema ugwayi kubeka labo abane-HIV ungcupheni yokuhlaselwa ukukhahlamezeka kwesibindi.

Emazweni ase-Afrika akwi-Sub-Saharan izinga le-HIV lisabalele okudlula uhhafu nangaphezulu emhlabeni wonke jikelele.

Imishanguzo yokuthiba i-HIV igunyaziwe, nakuba kunjalo iphinda ibe imbangela yesifo sokukhahlamezeka kwesindi ezigulini.

Aluluningi uncwaningo olugxile ekukhulumeni ngesifo sokhahlameza kwesibindi esidalwa ama-ARV, ngakhoke kumele lwandiswe ulwazi oluphathalene nale simo.

Ososayensi babefunda ukuthola inani labantu abanesifo sokhahlazeka kwesibindi ngenxa yokuphiala ne-HIV.

Baphinde bafuna ukuthola ukuthi iyiphi imikhuba yokuphila eyandisa ubungozi bokulimala kwesibindi kulezi ziguli.

Abancwaningi bahlola iziguli esibhedlela iBali ezine-HIV ezazinemnyaka engu-18 nangaphezulu.

Kwathathwa amasampuli amagazi kuzo zonke iziguli, ukuze kubhekwe ukuthi awanawo yini amaprotheni ayimbangela yesifo sokukhahlamezeka kwesibindi.

Babe sebesenzisa indlela yokuncwaninga usikompilo leziguli ngekhompuyutha ukuze bakwazi ukuqangula lezo zinto ezinomthelela ekudalekeni kwesifo sokukhahlaka kwesibindi.

Abancwaningi bathola ukuthi izinga lamaprotheni ayizinkomba zokukhahlamezeka kwesibindi eziguleni ezine-HIV liphezulu kakhulu.

Ucwaningo lwabo lwaphinde laveza nokuthi emishanguzweni eminingi yokuthiba i-HIV luningi ngokwedlulele loluhlobo lwamaproteion.

Uncwaningo abalenza ngekhomputha lwaphinde lwaveza ukuthi abesilisa abadla ama-ARVs basesigcupheni enkulu yokuphathwa isifo sokukhahlaka kwesibindi, nalabo abaphuzayo kanye nababhemayo.

Ukuba sengcupheni yokhahlamezeka kwesibindi kwabane-HIV kwakwaziwa ukuthi kubangwa imishanguzo abanikwa yona.

Nokho, lolu cwaningo lubheke izinga iziguli ze-HIV ezizwa ngato ukulinyalelwa yisibindi esibhedlela sesifundankantolo i-Bali.

Abacwaningi bathola nokuthi ukuphuza utshwala nokubhema kubeka abantu abane-HIV engozeni ebucayi yokukhahlamezeka kwesibindi.

Abacwaningi bakubalula ukushoda kolwazi olugcwele ngesimo seziguli ngokuba umthelela onganciphisa olwazi oncwaningeni.

Abazibhekanga ezinye izimbangela, njengokusetshenziswa kweminye imihlomo yemishanguzo okungasiyo eyokuthiba i-HIV.

Ngenxa yokuthi iqeqeba labantu abasentshenziswe kulolu ncwaningo bahlukile ngokweminyaka nobulile, lokho kwenza isiphetho sayo singavumelani nokushiwo abanye abacwaningi bakwamanye amazwe ase-Africa.

Lolu cwaningo belugxile esibhedlela esisodwa ezweni lase-Cameroon kanti okutholiwe komele kuqinisekiswe ocwaningweni lwangomusa kwezinye izifunda.

I-HIV uwumthwalo omkhulu ezwenikazi lase-Afrika.

Lolu cwaningo oludidiyelwe abacwaningi base-Cameroon lukhanyisa iminingo ebicashile, ephathelene nokuvama kwesifo sokhahlamezeka kwesibindi sabaphila ne-HIV, luphinde luveze izimbangela ezihlukahlukene ezandisa ubungozi bokuba sengcupheni yokuhlaselwa ile sifo.

Ukubakhona kwalolu lwazi kungasiza ukunqanda ukubhebhetheka kwesifo esikhahlameza isibindi kwabane ne-HIV.

Connections
1 of 5
Comments
0
comment
No comments here
Why not start the discussion?