Description
Lay summary of the article published under the DOI: 10.1155/2020/5148370
This is Zulu translation of DOI: 10.1155/2020/5148370
Ukugula nokushona kweziguli eziphethwe ushukela (DM) abekwa ezinkingeni ezibandakanya ama- microvascular nama-macrovascular.
Nokho, kunokuhluka okukhulu uma ubheka ucwaningo lashukela (DM) lokuqala olukhuluma ngokwanda kokungavukelwa (ED) e-Afrika.
Ngakho-ke, lolu cwaningo beluhlose ukulinganisa ukwanda kwe-ED okuhlangene ezigulini ze-DM nokuhlangana kwayo nobukhulu bomzimba i-(BMI) ne-glycated hemoglobin e-Afrika.
Izindlelakwenza.
Kuphenywe ucwaningo olubheke i-ED ezigulini ze-DM kwi-PubMed, Web of Science, African Journals Online ne-Google Scholar.
Kusetshenziswe indlela eyifanela i-funnel plot ne-Egger’s regression ukuhlola ukukhetha icala kokushicilelwe.
Kusetshenziswe i-I2 statistic ukubheka i-heterogeneity phakathi kocwaningo.
Kusetshenziswe imodeli ye-DerSimonian ne-Laird random-effects ukukala usayizi wendawo ethintekile.
Ukuhlaziya kwamaqoqwana kwenziwe nge- meta-regression analyses, kwenziwe ngezwe nezwe, usayizi wenani labantu abahloliwe, nangonyaka okushicilelwe ngawo.
Kube sekwenziwa i-sensitivity alaysis ukubona umthelela wocwaningo olulodwa kukho konke okugaguliwe.
Kusetshenziswe uhlelo lwezibalo i-STATA yezinga le-14 ukuhlaziya iziphumo.
Umphumela.
Kufakwe ucwaningo uluyi-13 olunabantu abayizi-3,501 kulolu cwaningo.
Sigagule ukuthi ukuvama okuhlanganisiwe kwe-ED ezigulini ze-DM e-Afrika kube u-71.45% (95% CI: 60.22–82.69).
Iziguli ezinoshukela ezine-BMI engu ≥30kg/m2 zisemathubeni angu 1.26 ukuthi ziphathwe i-ED (AOR = 1.26; 95% CI: 0.73–2.16) and whose glycated hemoglobin was <7% were 7% less likely to develop ED (AOR = 0.93; 95% CI: 0.5–5.9), yize bezingabandakanywa ne-ED.
Isiphetho.
Ukwanda kwe-ED ezigulini ze-DM e-Afrika kusaphezulu.
Ngakho-ke, kumele kwenziwe izinhlelo ezibheka isimo nesimo, nezwe ngalinye ukuze kwehliswe ukwanda kwe-ED ezigulini ze-DM.
Izigidigidi zeziguli eziphethwe ushukela emhlabeni wonke zihlushwa ukungavukwelwa, kodwa izibalo zase-Afrika bezingaziwa kuze kube manje.
Ngo-2017 abantu abalanginaselwa ezigidini ezingama-425 baphathwe ushukela (DM) emhlabeni, lezi zibalo zilindeleke ukuthi zifike ezigidini ezingama-629 ngo-2045.
Omunye umthelela onganakiwe wesifo soshukela ekungavukelwa (ED), okusho ukungakwazi ukuvukelwa kahle nokugcina ukuvukelwa kwakho ukuze ukwazi ukwenza ucansi olwanele futhi olunelisayo.
Ukungavukelwa sekubikwe ebantwini besilisa abangu-49% eNgilandi, 35.8% e-Ithali, 77.1% eNingizimu Afrika, no 67.9% eGana.
Kodwa eminye imibiko ephuma e-Afrika ihluka kakhulu, ngakho ke abacwaningi baqhathanisa imibiko ukubona ukuthi ukungavukelwa kuvame kangakanani ezigulini zikashukela, nokuthola ukuhlangana kwakho nokukhuluphala nokuba ne-high blood pressure(ihayihayi).
Abacaningi babheke emitapweni yolwazi ye-PubMed, Web of Science, Cochrane Library, Scopus, PsycINFO, African Journals Online no-Google Scholar bebheka ucwaningo olwalubheka ukungavukelwa ezigulini zashukela.
Basebenzise izindlela zezibalo ezahlukene ukucubungula iziphumo zocwaningo oluyi-13 olwalunabantu abayizi-3,501.
Babenokucophelela kakhulu ukuze beqinisekise ukuthi ucwaningo nocwaningo alubi namthelela kolunye, okungenza kungabi nokugagula kahle ngokuvama kokungavukelwa kwababehlolwa.
Ucwaningo luthole ukuthi ukungavukelwa kuvame kubantu besilisa abanesifo sashukela abangu 71.45% e-Afrika.
Bathola ukuthi iziguli ezikhuluphele ngokweqile zisemathubeni angu 1.26 ngaphezu kwezinye, ukuthi zihlushwe ukungavukelwa.
Bathole nokuthi iziguli eziphethwe ushukela ezinamazinga kashukela oqashwe kahle, okubonakala ngo-7% we-glycaed hemoglobin, okukalwa ngakho ukuthi ushukela wakho uqashwe kahle, zisemathubeni ehle ngo-7% okuhlushwa ukungavukelwa.
Lolu cwaningo lunezingqinamba ezimbalwa okumele zicatshangwe ocwaningweni oluzayo.
Okukuqala, kunzima ukubona ukuthi imiphumela evela emazwen ahlukene ikhuluma ngezwekazi lonke ngoba ayitholakalanga imininingwane ebala i-Afrika yonke.
Okwesibili, ucwaningo lubheke imibhalo ebhalwe ngesingisi, okusho ukuthi ucwaningo lungashoda ngemininingwane ebalulekile etholakala kwezinye izilimi.
Lemiphumela ikhombisa ukuthi amazinga okwanda kokungavukelwa ezigulini ezinoshukela e-Afrika ahleli phezulu.
Abacwaningi bancoma ukuthi amazwe kumele angenelele isimo nesimo kuwo wonke amazwe.
This is Amharic translation of DOI:10.1155/2020/5148370
This is Hausa translation of DOI:10.1155/2020/5148370
This is Yoruba translation of DOI: 10.1155/2020/5148370
This is Northern Sotho translation of DOI: 10.1155/2020/5148370
This is Luganda translation of DOI:10.1155/2020/5148370